Thursday, May 28, 2020

UKUNQOBA I-COVID19

Amen ma-Afrika!  nanku umyalezo engiwuthola manje ngo14:30 (23 April 2020). Uthi uJehovah amabandla akhe mawahlangane akhe indlu eyodwa yokumkhonzela la eSouth Afrika. Uthi uMoya kaJehovah sizophuma kulesimo esikuso njengoba awprofetha ngoSakaria esahlukweni 8. Masihlambuluke sisho izono zethu futhi nathi sithelelane, siyeke amanga kanye nokufunga ngamanga sitshelane iqiniso omunye komunye, sibe noxolo.

Sifase ibhandi ngalezinyanga ezilandelayo: 

1. Inyanga yesine uTammuz (Mid Jun kuya mid Jul) 
2. Inyanga yesihlanu uAv (Mid Jul kuya mid Aug) 
3. Inyanga yesikhimbisa uTishri (Mid Sep kuya mid Oct) 
4. Inyanga yeshumi uTebeth (Mid Dec kuya mid Jan)

Lezinyanga ziya ngohlelo lwekhalenda eseBhayibhilini, elihlukile kunaleli esilijwayele futhi esilisebenzisayo kulezinsuku. Siyanxuswa ukuthi sibe nomoya wokuzisola ngeqiniso siphenduke, omunye nomunye afase ibhandi kulezinyanga ezibekiwe okungenani insuku ezintathu, ezine, ezinhlanu, eziyisikhombisa noma eziyishumi. Lo myalezo uthunyelwa kuwo wonke ama-Afrika ngokusabalala kwawo emagumbini amane omhlaba. 

Mina Omkhulu Mprofethi, ngiyafakaza ukuthi lezindaba ezilotshwe lana ezeqiniso futhi ngizimbulelwe. Ongezayo kuzo uzokwengezelwa isijeziso futhi onciphisayo kuzo uzoncishiselwa izibusiso. 

  • Buya Nkosi yamakhosi Yesu Kristu wase Nazaretha uzothatha umbuso wakho nangunaphakade! Amen! Amen!

No comments:

Post a Comment